UJona 4:5-11

UJona 4:5-11 ZUL20

UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini. USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva. Ngakusasa entathakusa uNkulunkulu wathumela impehla, yaphehla umhlakuva, wabuna. Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.” UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.” USimakade wathi: “Wena ukhathazekele umhlakuva ongawukhandlekelanga, nongawukhulisanga, ovumbuke nje ngobusuku obubodwa, wabuye washabalala ngobusuku obulandelayo. Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”

Funda UJona 4