UJona 4

4
Ukuthukuthela KukaJona Nomusa KaNkulunkulu
1UJona ekubona lokho okwenziwe, wathukuthela wagana unwabu. 2Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile. 3Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
4USimakade wathi: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka na?”
5UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini. 6USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva. 7Ngakusasa entathakusa uNkulunkulu wathumela impehla, yaphehla umhlakuva, wabuna. 8Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”
9UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?”
Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”
10USimakade wathi: “Wena ukhathazekele umhlakuva ongawukhandlekelanga, nongawukhulisanga, ovumbuke nje ngobusuku obubodwa, wabuye washabalala ngobusuku obulandelayo. 11Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”

Okuqokiwe okwamanje:

UJona 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo