UJona 1:1-4

UJona 1:1-4 ZUL20

Izwi likaSimakade lafika kuJona, indodana ka-Amithayi, lathi: “Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.” Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade. Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.

Funda UJona 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJona 1:1-4