UJona 1:1-4

UJona 1:1-4 ZUL59

Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.” Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova. Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.

Funda UJona 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJona 1:1-4