UJobe 38:1-18

UJobe 38:1-18 ZUL20

USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na? “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini, ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo, nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha, ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’? “Selokhu waba khona, sewake wakuyala yini ukusa, wenza intathakusa iyazi indawo yayo, ukuze ibambe amagumbi omhlaba, izikhohlakali zivuthululwe kuwo na? Uguquka njengobumba lophawu lokusicilela, ludayiwe njengesembatho. Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo. “Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi ezinzulwini zalo na? Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na? Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na? Yisho uma ukwazi konke lokho.

Funda UJobe 38

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJobe 38:1-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo