UJobe 38:1-18

UJobe 38:1-18 ZUL59

UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: “Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela! Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na? “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini, lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo, nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha, ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na? “Emihleni yakho uyalile ukusa, wazisa umthende wokusa indawo yawo ukuba ubambe amagumbi omhlaba, ababi bathintithwe kuwo, na? Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa; konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe. Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe. “Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi otweni, na? Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na? Uqondile ububanzi bomhlaba na? Yisho, uma ukwazi konke.

Funda UJobe 38

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJobe 38:1-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo