UJobe 3:1-26

UJobe 3:1-26 ZUL20

Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe. UJobe wathi: “Malubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwathiwa: ‘Ukhulelwe ingane yomfana.’ Lolo lusuku malube ngubumnyama, uNkulunkulu ephezulu makangalunaki, ukukhanya makungakhanyi kulo. Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse. Lobo busuku mabubanjwe yisigayegaye sobumnyama, bungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka, lungabalwa phakathi kwezinsuku zenyanga. Yebo, lobo busuku mabube yinyumba, kungezwakali msindo wenjabulo kubo. Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku, labo abalungele ukuvusa uLeviyathani. Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa, ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami. “Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na? Amadolo angemukelelani, namabele ukuba ngincele na? Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba, labo abazakhela kabusha izindawo ezazicekelwe phansi, noma kanye nezikhulu ezinegolide, ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva; noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga? Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni. Lapho iziboshwa zicanasa khona ndawonye, nezwi labacindezelayo zingasalizwa. Lapho abancane nabakhulu befana; isigqila sikhululekile kumniniso. “Kungani ukukhanya kunikwa ososizini, nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni, abalangazelela ukufa, kodwa kungafiki, abakufuna ukwedlula ingcebo ethukusiweyo, abathokoza, bethabe, bajabule uma bethola ingcwaba? Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na? Ukugquma kimi sekufana nokudla, nokububula kwami kuphophoza njengamanzi. Ngehlelwa yilokho engikwesabayo, nalokho enginovalo ngakho kuyangehlela. Anginakuthula, anginaluxolo, anginakuphumula; inkathazo ingehlele.”

Funda UJobe 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo