UJobe 3:1-26

UJobe 3:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe. UJobe wathi: “Malubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwathiwa: ‘Ukhulelwe ingane yomfana.’ Lolo lusuku malube ngubumnyama, uNkulunkulu ephezulu makangalunaki, ukukhanya makungakhanyi kulo. Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse. Lobo busuku mabubanjwe yisigayegaye sobumnyama, bungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka, lungabalwa phakathi kwezinsuku zenyanga. Yebo, lobo busuku mabube yinyumba, kungezwakali msindo wenjabulo kubo. Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku, labo abalungele ukuvusa uLeviyathani. Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa, ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami. “Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na? Amadolo angemukelelani, namabele ukuba ngincele na? Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba, labo abazakhela kabusha izindawo ezazicekelwe phansi, noma kanye nezikhulu ezinegolide, ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva; noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga? Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni. Lapho iziboshwa zicanasa khona ndawonye, nezwi labacindezelayo zingasalizwa. Lapho abancane nabakhulu befana; isigqila sikhululekile kumniniso. “Kungani ukukhanya kunikwa ososizini, nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni, abalangazelela ukufa, kodwa kungafiki, abakufuna ukwedlula ingcebo ethukusiweyo, abathokoza, bethabe, bajabule uma bethola ingcwaba? Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na? Ukugquma kimi sekufana nokudla, nokububula kwami kuphophoza njengamanzi. Ngehlelwa yilokho engikwesabayo, nalokho enginovalo ngakho kuyangehlela. Anginakuthula, anginaluxolo, anginakuphumula; inkathazo ingehlele.”

Dlulisela
Funda UJobe 3

UJobe 3:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe. UJobe wathatha wathi: “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’ Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo. Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise. Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga. Bheka, lobo busuku mabungabi nalutho, kungangeni ukujabula kubo. Mababuqalekise abathuka amalanga, abalungele ukuvusa uLeviyathani. Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama; mabulinde ukukhanya kungabikho, bungaboni izinkophe zokusa, ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame, abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami. “Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na? Amadolo angamukeleleni, namabele ukuba ngincele, na? Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba abazakhela izinqaba zamathuna, noma kanye nezikhulu ezinegolide ezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva, noma ngangingekho njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo, njengezingane ezingazange zibone ukukhanya. Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla. Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye; azizwa izwi labazicindezelayo. Lapho nabancane nabakhulu bayafanana; isigqila sikhululekile enkosini yaso. “Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu emphefumulweni ukuphila; abalinda ukufa kungafiki, abakumba kunengcebo; abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna, nomuntu ondlela yakhe isithekile, uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na? Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi, ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela, nenginovalo ngakho sekuyangehlela. Anginakuthula, angizolile, anginakuphumula; kepha ukuyaluza kuyafika.”

Dlulisela
Funda UJobe 3

UJobe 3:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe. UJobe wakhuluma wathi: Kalubhubhe usuku engazalwa ngalo, lobusuku okwathiwa ngabo: Kukhulelwe umntwana wesilisa. Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangaliboni phezulu, nokukhanya makungasikhanyiseli. Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise. Kepha ngalobo busuku, mabumehlele; makungahlanganiswa nezinsuku zomnyaka, kungangeni esibalweni sezinyanga. Bheka, lobo busuku mabube bodwa, makungangeni kubo izwi lokujabula. Mabaqalekise oqalekisa usuku, olungele ukuvuka ukulila kwabo. Izinkanyezi zokuhwalala mazibe mnyama; malifune ukukhanya, kepha lingabi nakho; futhi mayingaboni ukusa kosuku. Ngoba aluvalanga iminyango yesizalo sikamame futhi alufihlanga usizi emehlweni ami. Kungani ngingafanga esizalweni sikanina? kungani ngingawulahlanga umoya ngiphuma esiswini? Amadolo angivimbelani? noma kungani kufanele ngincele amabele? Ngokuba manje ngabe ngilele ngithule, ngabe ngilele; ukube ngangizolile ngaleso sikhathi, Kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba abazakhela izindawo eziyincithakalo; Noma nezikhulu ezazinegolide, ezagcwalisa izindlu zazo ngesiliva; Noma bengingaba khona njengozalo olufihlwayo; njengezingane ezingakaze zikubone ukukhanya kwemini. Lapho ababi bayekela ukukhathazeka; nalapho abakhatheleyo bayaphumula. Lapho iziboshwa ziphumula ndawonye; abalizwa izwi lomcindezeli. Abancane nabakhulu bakhona; lenceku ikhululekile enkosini yayo. Ngakho-ke ososizini uyakuphiwa ukukhanya, nokuphila komunyu womphefumulo; abalangazelela ukufa, kepha akufiki; futhi ligebhe kakhulu kunengcebo efihliweyo; abajabulayo, bajabule, uma bengathola ithuna na? Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ondlela yakhe isithekile futhi uNkulunkulu amvikele? Ngokuba ukububula kwami kufika ngaphambi kokuba ngidle, nokubhonga kwami kuthululwa njengamanzi. Ngokuba into ebengesaba kakhulu ingifikele, nalokho ebengikwesaba sekufike kimi. Angizange ngilondeke, futhi angizange ngiphumule futhi angizange ngithule; nokho kwafika inkathazo.

Dlulisela
Funda UJobe 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo