UJobe 29:1-6

UJobe 29:1-6 ZUL20

UJobe wabuye waqhubeka nenkulumo yakhe, wathi: “Sengathi ngabe nginjengasezinyangeni ezedlule, nanjengasezinsukwini lapho uNkulunkulu ayengiqaphile, lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe, njengoba nganginjalo ezinsukwini zobunsizwa bami, lapho ubukhona bukaNkulunkulu babuphezu kwethende lami, lapho uSomandla esenami, nabantwana bami besangizungezile, lapho izinyathelo zami zazigezwa ezaqheqheni, nedwala elaliseduze kwami lalingithelela imifula yamafutha.

Funda UJobe 29