UJobe 22:21-30

UJobe 22:21-30 ZUL20

“Mawubuyisane noNkulunkulu, ukuze ube nokuthula; ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe. Ake wemukele imfundiso ephuma emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho. Uma ubuyela kuSomandla, uyakusimamiswa, uma ususa ukungalungi ethendeni lakho, ulahle igolide lakho othulini, nelase-Ofiri ulitshinge phakathi kwamatshe esigodini, uSomandla uyakuba yigolide lakho nesiliva elikhazimulayo kuwe. Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu. Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho. Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho. Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo. Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye, uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”

Funda UJobe 22