“Mawujwayelane naye, ube nokuthula; ngalokho okuhle kuyakufika kuwe. Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho. Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho, ubeke igolide lakho othulini, nelase-Ofiri phakathi kwamatshe eminonjana. USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe, ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla, uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho. Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ugcwalise izithembiso zakho. Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho. Uma zehla, uyakuthi: ‘Phezulu!’ abesephakanyiswa ozithobileyo. Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo, bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.”
Funda UJobe 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 22:21-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo