UJobe 19

19
UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili KaBhilidadi
1UJobe wayesephendula, ethi:
2“Kuyoze kube nini nihlupha umphefumulo wami,
ningihlifiza ngamazwi na?
3 Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa,
kodwa anizange nibe namahloni
okuthi ningiphathe kabi.
4Uma impela ngonile,
ukona kwami kuhleli kimi.
5 Uma impela niyozikhukhumeza ngaphezu kwami,
niphikisana nami ngehlazo lami,
6 yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi,
wangigubuzela ngenetha lakhe.
7 Noma ngikhalile ngathi:
‘Indluzula!’
kepha angiphendulwanga,
ngicele ukusizwa,
kodwa abukho ubulungiswa.
8 Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli,
wabeka ubumnyama ezindleleni zami.
9 Uluhlubulile udumo lwami kimi,
wasusa umqhele ekhanda lami.
10 Ungidilizele phansi nxazonke,
ngaphela nya,
ithemba lami ulisiphule njengesihlahla.
11 Ungivuthele ngentukuthelo yakhe,
wangithatha njengesitha sakhe.
12 Amabutho akhe atheleke kanyekanye,
angizungeza ngemigoqo yokuhlasela,
akanisa nxazonke zethende lami.
13 “Uqhelisele kude abafowethu,
abazana nami bangihlubuka impela.
14Izihlobo zami zingishiyile,
nengazana nabo bangikhohliwe.
15Abagogobele endlini yami
nezincekukazi zami
bangenza umfokazi,
sengingowezizwe emehlweni abo.
16Uma ngibiza inceku yami, ayisabeli,
sekuyimina engiyincenga ngomlomo wami.
17Umoya wami uyanuka kumkami,
sebeyanengwa yimi,
ngisho nabantwana
esaphuma nabo siswini
sinye kumame.
18 Sengedelelwa ngisho nayizingane,
uma ngivuka, zikhuluma kabi ngami.
19 Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo
sebeyangenyanya,
nalabo engibathandayo sebengifulathele.
20 Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami
nasenyameni yami,
ngisinde ngokulambisa kuphela.
21 Ngihawukeleni,
ngihawukeleni,
nina bangani bami,
ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.
22 Ningihluphelani njengalokhu noNkulunkulu enza na?
Anisuthi yini yinyama yami na?
23 “Sengathi amazwi ami angalotshwa phansi!
Sengathi amazwi ami abengaqoshwa emqulwini,
24aqoshwe edwaleni ngosiba lwensimbi nomthofu,
ukuze ahlale ingunaphakade!
25 Kepha mina ngiyazi
ukuthi uMhlengi wami uyaphila,
ekupheleni uyakuma othulini.
26 Lapho sesishabalele isikhumba sami,
ngiyakumbona uNkulunkulu
ngingokhululekile emzimbeni.
27 Ngiyakumbona mina uqobo lwami,
amehlo ami ayakumbona,
hhayi njengomfokazi,
umphefumulo wami uqhilika injabulo
uma ngicabanga ngalokho.
28Uma nithi:
‘Siyakumhlupha kanjani!’
bese nithi:
‘Umongo wendaba ukuye,’
29 yesabeni nina uqobo inkemba,
ngokuba ulaka lungolweziphambeko
ezifanele inkemba,
ukuze nazi ukuthi ukwehlulela kukhona.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume