UJobe 18

18
Inkulumo Yesibili KaBhilidadi
1UBhilidadi umShuhi wayesethatha, ethi:
2 “Uyokuyeka nini lokhu kukhuluma na?
Ake ucabangisise, bese siyakhuluma.
3 Kungani sithathwa njengezilwane,
siyizithutha yini emehlweni akho na?
4Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho,
umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho,
nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
5 Yebo, ukukhanya kwesikhohlakali kuyacishwa,
nelangabi lomlilo waso aliyukukhanya.
6 Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso,
nesibani saso siyacima phezu kwaso.
7 Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa,
namasu aso asiqumbe phansi.
8 Ngokuba izinyawo zaso zibanjwe enethini,
sihamba phezu komwowane.
9Unoxhaka usibambe esithendeni,
nogibe lwasibamba.
10Sithukuselwe isihibe emhlabathini,
nonoxhaka endleleni.
11 Ingebhe iyasethusa nxazonke,
isezithendeni zaso.
12 Inhlupheko isilambele,
nenhlekelele isilindele lapho sikhubeka.
13 Izingxenye zesikhumba saso ziyakudliwa,
yebo, izibulo lokufa
kuyawadla amalungu aso.
14 Siyakususwa ethendeni laso esilethembayo,
siyiswe enkosini yengebhe.
15 Ethendeni laso kuyohlala okungesibo abaso,
indawo yaso ichelwe ngesibabuli.
16 Kuyokoma izimpande zaso phansi,
phezulu kubune amagatsha aso.
17 Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni,
kungabi bikho okhumbula
igama laso emigwaqweni.
18 Siyakuxoshwa ekukhanyeni,
siyiswe ebumnyameni,
sixoshwe emhlabeni.
19 Asiyukuba nabantwana
noma abazukulu phakathi kwabakubo,
noyosinda lapho sasihlala khona.
20 Abasentshonalanga bethuswa lusuku lwaso,
nabasempumalanga bakhungathwa ngukwesaba.
21 Impela lezi yizindlu zowenza okubi,
impela lena yindawo yongamazi uNkulunkulu.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 18: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume