“Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na? Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na? Ngokuba uthe: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’ Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe, akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
Funda UJobe 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 11:2-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo