UJobe 11

11
Inkulumo Yokuqala KaZofari
Ngokungazi Kwakhe UJobe Akakuqondi Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
1Wayesethatha uZofari waseNahama, wathi:
2 “Ngabe awayukuphendulwa yini
amazwi amaningi kangaka na?
Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?
3 Ukuqavitha kwakho
kufanele kubathulise
yini abantu na?
Nalapho ukloloda,
akekho yini ongakuthela ngehlazo na?
4 Ngokuba uthe:
‘Ukufundisa kwami kulungile;
ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’
5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,
akuvulele izindebe zakhe,
6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe,
ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi,
ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza
ukhohlwe yingxenye yecala lakho,
ukuze kube kuhle kuwe.
7 “Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na?
Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
8 Kuphakeme kunezulu, ungenzani na?
Kujulile kunendawo yabafileyo,
ungazini ngakho na?
9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,
sibanzi kunolwandle.
10 Uma edlula, avalele,
abizele ekwehluleleni,
ngubani ongamvimba na?
11 Ngokuba uyabazi abantu bamanga,
lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?
12 Uma umuntu ongahlakaniphile
engaba ngohlakaniphileyo,
nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
13 “Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho,
welulela izandla zakho kuye,
14 uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho,
ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,
15 impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,
uyokuma uqine, ungenakwesaba.
16 Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,
uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.
17 Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini;
nobumnyama buyofana nokusa nje.
18Uyoba ngophephile,
ngokuba likhona ithemba,
uyovikeleka kahle,
ulale phansi uphephile.
19 Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo;
abaningi bayakuzincengela kuwe.
20 Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala;
ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela;
ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume