NgokukaJohane 8:12-30

NgokukaJohane 8:12-30 ZUL20

Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.” Ngakho-ke abaFarisi bathi kuye: “Uyazifakazela Wena; ubufakazi bakho abusilo iqiniso.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kodwa Mina angehluleli muntu. Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo. Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso. Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumileyo ufazaka ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.” AbaJuda base bethi: “Ngabe uzakuzibulala yini nempela na? Ngokuba uthi: ‘Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona’ na?” UJesu wathi kubo: “Nina ningabalapha ezweni, kodwa Mina ngingowaphezulu. Nina ningabaleli lizwe, kodwa Mina angisiye owaleli lizwe. Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.” Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.” Babengazi ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.” Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa kuye.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 8:12-30