NgokukaJohane 8:12-30

NgokukaJohane 8:12-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe; Basebesithi kuye abaFarisi: Wena uyazifakazela; umbhalo wakho awusilo iqiniso. UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona. Nina nahlulela ngokwenyama; mina angihluleli muntu. Nokho uma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuqinisile, ngokuba angingedwa, kodwa mina noBaba ongithumileyo. Nasemlayweni wenu kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buqinisile. Mina ngingozifakazelayo, noBaba ongithumileyo uyafakaza ngami. Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba. UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; Base bethi abaJuda: “Kanti uzakuzibulala na? ngokuba uthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi; Mina ngingowaphezulu; nina ningabakalumhlaba; mina angisiye owalumhlaba. Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu. Base bethi kuye: “Ungubani na? UJesu wathi kubo: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye. Abaqondanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto. Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo. Esakhuluma lawo mazwi, abaningi bakholwa nguye.

NgokukaJohane 8:12-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 8:12-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.” Ngakho-ke abaFarisi bathi kuye: “Uyazifakazela Wena; ubufakazi bakho abusilo iqiniso.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kodwa Mina angehluleli muntu. Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo. Kanjalo nasemthethweni wakini kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buyiqiniso. Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumileyo ufazaka ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.” AbaJuda base bethi: “Ngabe uzakuzibulala yini nempela na? Ngokuba uthi: ‘Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona’ na?” UJesu wathi kubo: “Nina ningabalapha ezweni, kodwa Mina ngingowaphezulu. Nina ningabaleli lizwe, kodwa Mina angisiye owaleli lizwe. Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.” Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.” Babengazi ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.” Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa kuye.

NgokukaJohane 8:12-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.” Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu. Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo. Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo. Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.” Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.” Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?” Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe. Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.” Base bethi kuye: “Wena ungubani na?” Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.” Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.” Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.

NgokukaJohane 8:12-30

NgokukaJohane 8:12-30 ZUL59NgokukaJohane 8:12-30 ZUL59NgokukaJohane 8:12-30 ZUL59