NgokukaJohane 8:1-11

NgokukaJohane 8:1-11 ZUL20

Khona uJesu waya eNtabeni Yemihlwathi. Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa. Izazimthetho nabaFarisi baletha kuye owesifazane owayebanjwe oqotsheni, ephinga. Bammisa phakathi kwabo, bathi: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe oqotsheni, ephinga. Emthethweni, uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Ngakho-ke Wena uthini na?” Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini. Kuthe besambuza waphakama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu makabe ngowokuqala ukumkhanda ngetshe.” Waphinde wakhothama, waloba emhlabathini. Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho. UJesu waphakama wathi kuye: “Sifazane, baphi labo abakumangaleleyo na? Akekho yini okulahla ngecala na?” Waphendula, wathi: “Akukho noyedwa, Nkosi.” UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli ngacala. Hamba, ungabe usona.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 8:1-11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo