NgokukaJohane 8:1-11
NgokukaJohane 8:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo. Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa. Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo, bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?” Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini. Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.” Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona. UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
NgokukaJohane 8:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waya eNtabeni Yeminqumo. Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa. Ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane obanjwe ephinga; sebemmise phakathi. Bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. Emthethweni uMose wasiyala ukuba abanjalo bakhandwe ngamatshe; wena-ke uthini na? Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga. Kwathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: Ongenasono phakathi kwenu kaqale amjikijele ngetshe. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini. Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi. UJesu wayeseselulama, engaboni muntu ngaphandle kowesifazane, wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? akakho okulahlileyo na? Wathi: Kakho, Nkosi. UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
NgokukaJohane 8:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Khona uJesu waya eNtabeni Yemihlwathi. Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa. Izazimthetho nabaFarisi baletha kuye owesifazane owayebanjwe oqotsheni, ephinga. Bammisa phakathi kwabo, bathi: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe oqotsheni, ephinga. Emthethweni, uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Ngakho-ke Wena uthini na?” Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini. Kuthe besambuza waphakama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu makabe ngowokuqala ukumkhanda ngetshe.” Waphinde wakhothama, waloba emhlabathini. Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho. UJesu waphakama wathi kuye: “Sifazane, baphi labo abakumangaleleyo na? Akekho yini okulahla ngecala na?” Waphendula, wathi: “Akukho noyedwa, Nkosi.” UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli ngacala. Hamba, ungabe usona.”
NgokukaJohane 8:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)