Isixuku saphendula, sathi: “Unedimoni wena, ngubani ofuna ukukubulala na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngenze umsebenzi owodwa nje, kodwa nonke niyamangala. UMose uninike ukusoka, kungesikho ukuthi kuvela kuye kodwa kokhokho. Niyamsoka umuntu ngeSabatha. Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na? Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”
Funda NgokukaJohane 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 7:20-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo