NgokukaJohane 7:20-24

NgokukaJohane 7:20-24 ZUL59

Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke. Ngokuba uMose uninikile ukusoka – kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho – niyamsoka umuntu nangesabatha. Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo