UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhonondi nodwa. Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi. Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba.
“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade. Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi. Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”
Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe, ukuba siyidle na?”
Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila. Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.”
UJesu wakukhuluma lokhu efundisa esinagogeni, eKhaphernawume.
Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”
Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na? Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na? NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila. Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.”
UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela. Wayesethi: “Yingakho-ke ngithe kini: akekho ongeza kimi uma engakuphiwe lokho nguBaba.”
Kusukela lapho, abaningi kubafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye. Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani senifuna ukungihlamuka yini na?”
USimoni Phethro wamphendula, wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”