NgokukaJohane 6:25-59

NgokukaJohane 6:25-59 ZUL20

Sesimfumene ngaphesheya kolwandle, sathi kuye: “Rabi, ufike nini lapha na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.” Ngakho-ke bathi kuye: “Singenzani ukuba senze imisebenzi kaNkulunkulu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.” Nokho-ke bathi kuye: “Pho sibonakaliso sini ozakusenza, ukuba sibone, ukuze sikholwe nguwe na? Uzokwenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane njengalokhu kulotshiwe ukuthi: ‘UNkulunkulu wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.” Ngakho bathi kuye: “Nkosi, siphe leso sinkwa njalo njalo.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.” Ngalokho-ke abaJuda bakhononda ngoJesu, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhonondi nodwa. Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi. Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba. “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade. Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi. Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.” Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe, ukuba siyidle na?” Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila. Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.” UJesu wakukhuluma lokhu efundisa esinagogeni, eKhaphernawume.