NgokukaJohane 6:25-40

NgokukaJohane 6:25-40 ZUL20

Sesimfumene ngaphesheya kolwandle, sathi kuye: “Rabi, ufike nini lapha na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.” Ngakho-ke bathi kuye: “Singenzani ukuba senze imisebenzi kaNkulunkulu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo wokuba nikholwe nguye amthumileyo.” Nokho-ke bathi kuye: “Pho sibonakaliso sini ozakusenza, ukuba sibone, ukuze sikholwe nguwe na? Uzokwenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane njengalokhu kulotshiwe ukuthi: ‘UNkulunkulu wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.” Ngakho bathi kuye: “Nkosi, siphe leso sinkwa njalo njalo.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma. Kepha nginitshelile ngathi: ningibonile, kodwa anikholwanga. Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”