NgokukaJohane 6:22-24

NgokukaJohane 6:22-24 ZUL20

Ngakusasa isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi asikho esinye isikebhe lapho, kukhona esisodwa kuphela, nokuthi uJesu wayengagibelanga esikebheni nabafundi bakhe, kodwa babehambe bodwa. Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile. Ngakho-ke lapho isixuku sibona ukuthi uJesu nabafundi bakhe abekho lapho, sangena ezikebheni, saya eKhapernawume siyofuna uJesu.