NgokukaJohane 6:1-11

NgokukaJohane 6:1-11 ZUL20

Emva kwalokho uJesu wawelela ngaphesheya kolwandle iGalile, oluseThibheriya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe. UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. Kuthe lapho uJesu ephakamisa amehlo, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithenga kuphi izinkwa ukuba laba badle na?” Lokhu wayekusho emvivinya, ngokuba Yena wayekwazi ayezokwenza. UFiliphu wamphendula, wathi: “Izinkwa zawodenariyu abangama-200 zingeke zanele ukuba kube yilowo nalowo athole okuncane.” Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Phethro, wathi kuJesu: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?” UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, ayebalelwa ezi-5 000. Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo