NgokukaJohane 3:16-21

NgokukaJohane 3:16-21 ZUL20

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba izokwehlulela izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke. Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”