NgokukaJohane 16:16-28

NgokukaJohane 16:16-28 ZUL20

“Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone.” Abanye babafundi bakhe babuzana bodwa, bathi: “Ngabe uqonde ukuthini uma ethi kithi: ‘Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba’ na?” Bathi: “Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Yisikhashana’ na? Asazi ukuthi uthini.” UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo. Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni. Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu. Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona. Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale. “Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala. Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba. Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”