NgokukaJohane 16:16-28
NgokukaJohane 16:16-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba. Khona abanye kubafundi bakhe bakhuluma bodwa, bathi: “Kuyini lokhu akusho kithi ukuthi: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone? Bathi-ke: “Kuyini lokhu akushoyo ukuthi: ‘Okuyisikhashana; asazi ukuthi uthini. UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula; Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile; Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona. Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale. “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso; Ngalolosuku lizacela ebizweni lami; Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu. Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni
NgokukaJohane 16:16-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone.” Abanye babafundi bakhe babuzana bodwa, bathi: “Ngabe uqonde ukuthini uma ethi kithi: ‘Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba’ na?” Bathi: “Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Yisikhashana’ na? Asazi ukuthi uthini.” UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo. Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni. Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu. Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona. Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale. “Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala. Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba. Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”
NgokukaJohane 16:16-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.” Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?” Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.” UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale. “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”
NgokukaJohane 16:16-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)