NgokukaJohane 14:5-12

NgokukaJohane 14:5-12 ZUL20

UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?” UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, lokho kuyakwenela kithi.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na? Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.

Video for NgokukaJohane 14:5-12