NgokukaJohane 14:5-12

NgokukaJohane 14:5-12 ZUL59

UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?” UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Video for NgokukaJohane 14:5-12