“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kungani ukuba uthi uyakuzibonakalisa kithi, kodwa ungazibonakalisi kulo izwe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.
Funda NgokukaJohane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 14:21-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo