NgokukaJohane 14:21-24

NgokukaJohane 14:21-24 ZUL20

“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kungani ukuba uthi uyakuzibonakalisa kithi, kodwa ungazibonakalisi kulo izwe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo