NgokukaJohane 12:9-19

NgokukaJohane 12:9-19 ZUL20

Isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi uJesu ulapho. Saya khona, hhayi ngokuba siyakubona uJesu kuphela, kodwa nokuba sibone noLazaru ayemvuse kwabafileyo. Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu. Ngakusasa abantu abaningi abebeze emkhosini, sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, bathatha amagatsha esundu, baphuma bayomhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Yebo, iNkosi yakwa-Israyeli!” UJesu esefumene ithole lembongolo, wagibela kulo, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ungesabi, ndodakazi yaseZiyoni; inkosi yakho iyeza, igibele ithole lembongolo.” Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye. Ngakho-ke isixuku esasinaye ngesikhathi ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza. Yingakho-ke isixuku sahamba samhlangabeza, ngokuba sasizwile ukuthi wenze leso sibonakaliso. Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 12:9-19