NgokukaJohane 12:27-36

NgokukaJohane 12:27-36 ZUL20

“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu. Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, futhi ngizobuye ngilikhazimulise.” Ngakho-ke abantu ababemile bezwa, bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.” UJesu waphendula, wathi: “Leli zwi alifikanga ngenxa yami, kodwa ngenxa yenu. Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa. Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.” Wakusho lokhu ekhombisa indlela azakufa ngayo. Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?” UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi. Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya.” UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo.