Johane 12:27-36

Johane 12:27-36 CZB24

Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora. Baba, khazimulisa ibizo lakho. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise. Ngakho ixuku elalimi khona likuzwa bathi liyaduma; abanye bathi: Ingilosi ikhulume kuye. UJesu waphendula wathi: Lelilizwi kalivelanga ngenxa yami, kodwa ngenxa yenu. Kalokhu kungukwahlulelwa kwalomhlaba; Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke. Wakusho lokho efanekisa ukufa ayezakufa ngakho. Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na? UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukini. Hambani nisenokukhanya, funa ubumnyama bunifikele, ngokuba ohamba ebumnyameni akazi lapho eya khona. Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.

Funda Johane 12