NgokukaJohane 12:1-6

NgokukaJohane 12:1-6 ZUL20

Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe owayezakumkhaphela, wathi: “Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangama-300, kwabelwe abampofu na?” Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.

Ividiyo ye- NgokukaJohane 12:1-6