NgokukaJohane 11:1-3

NgokukaJohane 11:1-3 ZUL20

Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha. UMariya owayegulelwa nguLazaru umnewabo, nguye lowo owagcoba ngamafutha iNkosi uJesu, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 11:1-3