NgokukaJohane 11:1-3
NgokukaJohane 11:1-3 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona ogulayo othile, uLazaru waseBethaniya, umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. (Kwakunguye uMariya owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.) Ngakho odadewabo bathumela kuye, besithi: Nkosi, khangela, omthandayo uyagula.
NgokukaJohane 11:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha. UMariya owayegulelwa nguLazaru umnewabo, nguye lowo owagcoba ngamafutha iNkosi uJesu, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”
NgokukaJohane 11:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”
NgokukaJohane 11:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)