NgokukaJohane 10:11-15

NgokukaJohane 10:11-15 ZUL20

“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.