NgokukaJohane 10:11-15
NgokukaJohane 10:11-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu. Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa. Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
NgokukaJohane 10:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
NgokukaJohane 10:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
NgokukaJohane 10:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)