NgokukaJohane 1:9-11

NgokukaJohane 1:9-11 ZUL20

Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni. ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga. Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga.