UJeremiya 45

45
Isiphrofetho SikaJeremiya KuBharukhi
1Izwi uJeremiya, umphrofethi, alikhuluma kuBharukhi, indodana kaNeriya, ngesikhathi eloba lawa mazwi emqulwini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lithi: 2“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Bharukhi: 3wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’
4“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe. 5Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 45: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume