UJeremiya 46
46
Isiphrofetho SikaJeremiya NgeGibhithe
1Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya umphrofethi mayelana nezizwe.
2NgeGibhithe: ngempi kaFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe eyayingasemfuleni iYufrathe eKharikhemishi, eyanqotshwa nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.
3“Lungisani amahawu nezihlangu,
nivivele ukulwa.
4Bophelani amahhashi,
nigibele amahhashi empi,
nime ngomumo;
nifake izigqokozivikeli,
nemikhonto eloliwe,
nembathe namabhantshi ensimbi.
5Kepha ngiboneni na?
Bayathuthumela,
babuyela emuva.
Amaqhawe abo ayakunqotshwa,
ayabaleka nokubaleka,
awasabheki emuva;
kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.
6“Onejubane makangakwazi ukubaleka,
neqhawe malingaphunyuki;
elingasenyakatho eceleni komfula u-Yufrathe,
bayakukhubeka, bawe.
7“Ngubani lo okhuphuka njengeNayili,
njengomfula omanzi awo ephakama ngamandla.
8IGibhithe likhuphuke njengeNayili,
amanzi alo agubha njengemifula.
Lithe: ‘Ngiyakukhuphuka,
ngiwusibekele umhlaba;
ngiwubhubhise umuzi nabahlala kuwo.’
9Khuphukani, mahhashi,
nibhembuluke zinqola,
mawaphume amaqhawe:
uKhushe noPhuthi babambe izihlangu,
namaLudi abambe umnsalo.
10Lolu lusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla;
usuku lokuphindisela,
nolokuziphindiselela ezitheni zakhe.
Inkemba iyakudla yesuthe,
iyakuzanelisa ngegazi labo,
ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla
inomhlatshelo enyakatho,
ngasemfuleni iYufrathe.
11“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu,
wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe,
uyisebenzisela ize imithi eminingi,
ngeke waphulukiswa.
12Izizwe ziyakuzwa ngehlazo lakho,
ukukhala kwakho kugcwale umhlaba;
ngokuba iqhawe liyakukhuba elinye,
awe omabili kanyekanye.”
13Leli yizwi likaSimakade alikhuluma kuJeremiya, umphrofethi, ngokuza kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuzohlasela iGibhithe.
UNebukhadinezari Uzohlasela IGibhithe
14“Memezelani eGibhithe,
nimemezele eMigidoli;
yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi:
‘Sukumani, nime ngomumo,
ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’
15Kungani abanamandla bakho belaliswe phansi na?
Yingoba uSimakade ebathele othulini na?
16Uyakukhubekisa izindimbane,
yebo, bayakuwa
omunye ewela phezu komunye,
bathi: ‘Vukani,
masibuyele kwabakithi,
ezweni esidabuka kulo;
sibaleke enkembeni yomcindezeli.’
17Bayakumemeza lapho, bathi:
‘UFaro inkosi yaseGibhithe
ungumsindo nje omkhulu,
uliyekile ithuba lakhe.’
18“Ngifunga ngiyagomela,”
kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla,
“kukhona ozayo ofana neThabhori
phakathi kwezintaba,
nanjengeKharmeli ngasolwandle.
19Qoqa amasaka akho ulungele ukuthunjwa,
wena ndodakazi yaseGibhithe,
ngokuba iMemfisi iyakuba yincithakalo,
iyakushiswa kungabe kusaba bikho ohlala kulo.
20“IGibhithe liyisithokazi esihle kakhulu,
kodwa kunesibawu esivela enyakatho, esizakulithelekela.
21Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo,
anjengamathole akhuluphalisiweyo;
nawo aphenduka abaleka
kanyekanye, awazange eme
ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile;
isikhathi sokujeziswa kwabo.
22IGibhithe liyakuhashaza njengenyoka ihamba,
ngoba beza ngamandla,
balithelekele bephethe izimbazo
njengabagawuli bezihlahla.
23Bazoligawula ihlathi lalo,” kusho uSimakade,
“nakuba licinene;
ngokuba baningi kunesikhonyane, abanakubalwa.
24Indodakazi yaseGibhithe izothelwa ngehlazo,
inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.”
25USimakade Wamabandla uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo, amakhosi alo, nabethembele kuFaro. 26Ngiyakubanikela esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni sezinceku zakhe. Emveni kwalokho iGibhithe kuyakuhlalwa kulo njengasezinsukwini zasemandulo,” kusho uSimakade.
USimakade Uyakumsindisa U-Israyeli
27“Kepha ungesabi wena Jakobe,
nceku yami;
ungadangali, Israyeli,
ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usendaweni ekude;
ngisho nabozalo lwakho ezweni abathunjelwe kulo.
UJakobe uyakuba ongaphazanyiswa lutho, avikeleke,
angasatshiswa muntu.
28Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade,
“ngokuba nginawe;
ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe
engikuxoshele kuzo,
kodwa wena angiyukukuqeda.
Ngiyakukuyala ngobulungiswa,
angiyukukuyeka ngingakujezisi.”
Okuqokiwe okwamanje:
UJeremiya 46: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.