UJeremiya 29:11-18

UJeremiya 29:11-18 ZUL20

Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba. Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade. Ngokuba nikhulume nathi: “USimakade usivusele abaphrofethi eBhabhele.” Ngokuba usho kanje uSimakade enkosini ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nakubo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni, yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bhekani, ngiyakuthumela kubo inkemba, indlala, nobhubhane, ngibenze babe njengamakhiwane abolile angenakudliwa, ngenxa yobubi bawo. Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo