UJeremiya 29:11-18
UJeremiya 29:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba. Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade. Ngokuba nikhulume nathi: “USimakade usivusele abaphrofethi eBhabhele.” Ngokuba usho kanje uSimakade enkosini ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nakubo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni, yebo, usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bhekani, ngiyakuthumela kubo inkemba, indlala, nobhubhane, ngibenze babe njengamakhiwane abolile angenakudliwa, ngenxa yobubi bawo. Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo
UJeremiya 29:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.” Ngokuba nishilo ukuthi: “UJehova usivusele abaprofethi eBabele.” Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni, yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo. Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo
UJeremiya 29:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba. Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela; Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona. Ngokuba nithi: ‘UJehova wasivusela abaprofethi eBabele; Yazini akushoyo uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi, nangabazalwane benu abangayanga nani ekudingisweni; Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakuthuma phezu kwabo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi, angenakudliwa, mabi kakhulu. Ngiyakubasukela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibanikele ukuba anyikinywe emibusweni yonke yomhlaba, abe yisiqalekiso, nesimangaliso, nenhlekiso, nesihlamba phakathi kwabo. Zonke izizwe engibaxoshele kuzo.