UJeremiya 16:10-18

UJeremiya 16:10-18 ZUL20

“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu wonke lawa mazwi, bayokuthi kuwe: ‘USimakade ukhulumeleni wamelana nathi, ngayo yonke le nhlekelele enkulu kangaka na? Buyini ububi bethu na? Siyini isono esone ngaso kuSimakade uNkulunkulu wethu na?’ Uyakuthi kubo: ‘Kungenxa yokuthi okhokho benu bangishiya,’ kusho uSimakade, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abawugcinanga umthetho wami. Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli. Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’ “Ngalokho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho kungaseyukuthiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owakhuphula abakwa-Israyeli eGibhithe,’ kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo. “Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala. Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami. Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo