UJeremiya 16:10-18

UJeremiya 16:10-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu wonke lawa mazwi, bayokuthi kuwe: ‘USimakade ukhulumeleni wamelana nathi, ngayo yonke le nhlekelele enkulu kangaka na? Buyini ububi bethu na? Siyini isono esone ngaso kuSimakade uNkulunkulu wethu na?’ Uyakuthi kubo: ‘Kungenxa yokuthi okhokho benu bangishiya,’ kusho uSimakade, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abawugcinanga umthetho wami. Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli. Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’ “Ngalokho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho kungaseyukuthiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owakhuphula abakwa-Israyeli eGibhithe,’ kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo. “Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala. Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami. Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”

UJeremiya 16:10-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu onke lawa mazwi, basho kuwe ukuthi: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?’ Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami, nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli, ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’ “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho kungasayikuthiwa: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’ kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise. “Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa. Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami. Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”

UJeremiya 16:10-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Uma utshela lababantu onke lawa mazwi, bayakuthi kuwe: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu bonke lobu bubi obukhulu na? noma buyini ububi bethu? Siyini isono sethu esenzileyo kuJehova uNkulunkulu wethu na? Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami; Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli. Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa. Ngakho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho okungasayikuthiwa: Kuphila kukaJehova owakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe; Kodwa kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nakuwo wonke amazwe eyayibaxoshele kuwo; ngizababuyisela elizweni labo engalinika oyise. “Bheka, ngiyakuthuma abadobi abaningi,” usho uJehova, “bababambise; ngemva kwalokho ngiyoletha abazingeli abaningi, futhi bayobazingela kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma nasemigodini yamadwala. Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami. Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo