Abehluleli 2

2
Ingelosi KaSimakade IseBhokhimi
1 Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade. 2 Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo. 3 Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”
4Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala. 5Bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhokhimi, benza umhlatshelo kuSimakade kuleyo ndawo.
Ukufa KukaJoshuwa
6 Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona. 7 Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli.
8 UJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110. 9Bamngcwaba emngceleni wefa lakhe eThimnathi Heresi, kwelezintaba kwa-Efrayimi, enyakatho yentaba iGahashi.
10 Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.
11 Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali; 12 bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade. 13 Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi. 14 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo. 15 Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.
16 USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga. 17Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo. 18 Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha. 19Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.
20Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami, 21 angiyukuphinde ngixoshe abantu phambi kwabo, noma yisiphi sesizwe kwezashiywa nguJoshuwa ekufeni kwakhe, 22 ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.”
23USimakade wazishiya lezo zizwe, akaze azixosha kanyekanye, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.

Okuqokiwe okwamanje:

Abehluleli 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume