Abehluleli 1

1
UJuda Uhola Abakwa-Israyeli Empini
1 Emveni kokufa kukaJoshuwa, abantu bakwa-Israyeli babuza kuSimakade, bathi: “Ngubani ozosihola siyokulwa namaKhanani, na?”
2USimakade wathi: “NguJuda ozokwenyuka. Bheka, izwe ngilinikele esandleni sakhe.”
3UJuda wathi kumfowabo uSimeyoni: “Yenyuka nami siye ezweni engilabelwe ukuze silwe namaKhanani, nami ngizohamba nawe ngiye ezweni owabelwe lona.”
USimeyoni wayesehamba naye.
4UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi. 5Bazithela phezu kuka-Adoni Bhezekhi, eBhezekhi, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi. 6U-Adoni Bhezekhi wabaleka, kodwa bamhubha, bambamba, bamnquma izithupha noqukula. 7 U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.”
Bamletha eJerusalema, wafela khona.
8 Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo. 9Emveni kwalokho abantu bakwaJuda behla bayokulwa namaKhanani ayehlala kwelezintaba eNingizimu, nasemathafeni. 10 UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.
11Ukusuka lapho balwa nezakhamuzi zaseDebhiri okwakuthiwa yiKiriyathi Seferi. 12UKhalebhu wathi: “Lowo oyonqoba, alidle iKiriyathi Seferi, ngiyomnika u-Akhisa indodakazi yami, abe ngumkakhe.”
13 Kwasuka u-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu, walidla; wayesemganisela indodakazi yakhe, u-Akhisa, yaba ngumkakhe. 14Wathi lapho efika kuye, wamnxusa ukuba acele insimu kuyise. Lapho ehla embongolweni yakhe, uKhalebhu wathi kuye: “Ufunani, na?”
15Wathi kuye: “Ngicela ungiphe isipho, njengoba ungibeke ezweni eningizimu, ngiphe futhi nemithombo yamanzi.”
UKhalebhu wamnika imithombo esenhla nesezansi. 16 Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.
17 UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, banqoba amaKhanani ayehlala eZefathi, balicekela phansi. Ngakho-ke umuzi wabizwa ngokuthi yiHorma. 18UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo. 19 USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi. 20 IHebhroni lanikwa uKhalebhu njengalokhu uMose ayeshilo, waxosha kuyo amadodana amathathu ka-Anaki. 21 Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.
22Abendlu kaJosefa benyuka bahlasela iBhethele, uSimakade wayenabo. 23 Bathumela izinhloli eBhethele elalikade laziwa ngokuthi yiLuzi. 24Lapho izinhloli zibona indoda eyayiphuma emzini, zathi kuyo: “Sikhombise indlela yokungena emzini, sizokuphatha kahle.”
25 Ngakho-ke yabakhombisa indlela yokungena emzini, bawubhubhisa umuzi ngenkemba, kodwa indoda nomndeni wayo wonke babadedela bahamba. 26 Indoda yahamba yaya ezweni lamaHithi, yakha umuzi yawuqamba ngokuthi yiLuzi, usabizwa ngalelo gama kuze kube namuhla.
27 UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe. 28Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe. 29 No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri. 30UZebuloni akazixoshanga izakhamuzi zaseKhithroni, nezaseNahaloli, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo bawaphoqa ukuba abasebenzele.
31U-Asheri akazixoshanga izakhamuzi zase-Akho, ezaseSidoni, ezase-Ahelabhi, ezase-Akhizibhi, ezaseHelibha, ezase-Afiki nezaseRehobhi, 32kodwa abakwa-Asheri bahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe, ngokuba abawaxoshanga.
33UNafethali akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi, kodwa wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo lizwe; izakhamuzi zaseBhethi Shemeshi, nezaseBhethi Anathi baziphoqelela ukuba zibasebenzele.
34Ama-Amori acindezela isizwe sakwaDani ukuba sihlale kwelezintaba, awaze asivumela ukwehlela esigodini. 35Ama-Amori aqhubeka ahlala entabeni iHeresi, e-Ayijaloni, naseShahalibhimi, kodwa abakwaJosefa bawacindezela kanzima ama-Amori, bawaphoqa ukuba abasebenzele. 36 Umngcele wama-Amori wawusuka wenyukele phezulu emsahweni e-Akhrabhimi, eSela, wenyuke.

Okuqokiwe okwamanje:

Abehluleli 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume